Izisekelo Zomkhankaso Wokufunda (FFL) zigxile ekwenzeni ngcono ukukwazi ukufunda, ukubhala nokubala kweNyumeresi kuzo zonke izingane zaseNingizimu Afrika.
Kufuna ukunikeza indlela kanye nogqozi kuwo wonke amazinga ohlelo lwezemfundo kanjalo nasemakhaya nasemphakathini ukuze kuqinisekiswe ukuthi ngonyaka ka-2011 bonke abafundi bayakwazi ukukhombisa amazinga afanele oKukwazi Ukufunda Nokubhala kanye neNyumeresi ngokweminyaka yabo yobudala.
Umkhankaso uyindlela yokuphendula ocwaningweni lwezifundo zikazwelonke, isifunda kanye namazwe omhlaba ezikhombise ukuthi eminyakeni eminingi izingane zeseNingizimu Afrika azikwazi ukufunda, ukubhala nokubala emazingeni alindelekile, futhi azikwazi ukwenza imisebenzi ekhombisa amakhono abalulekile ahambisana noKukwazi Ukufunda Nokubhala kanye neNyumeresi.
Lo mkhankaso uzophetha ngokuthi kube nokuhlola kukazwelonke ekupheleni konyaka ka-2011 ukuze kuhlolwe amazinga Okukuwazi Ukufunda Nokubhala/Ulimi neNyumeresi/iMethamethiki kubafundi beBanga 3 neBanga 6 eNingizimu Afrika ukuze kutholakale ukuthi ingabe yini enomthelela kulokhu.
Izisekelo Zomkhankaso Wokufunda (Igazethi kaHulumeni namba 30880, Isaziso sikaHulumeni namba 306, 14 Mashi 2008).
Inqubomgomo Kazwelonke Yokuhlola Namazinga Aphasiwe Ezikole Eziseqenjini Lezemfundo Nokuqeqesha Okwejwayelekile (Igazethi kaHulumeni namba 29626, 12 Febhruwari 2007).
Inqubomgomo Kazwelonke Maqondana Nemvume Yezinhlelo Zezemfundo Nokuqeqesha Okwejwayelekile yeSitatimende Sohlelo Lwezifundo Sikazwelonke Amabanga R-9 (izikole) (Igazethi kaHulumeni namba 23406, 31 Meyi 2002).
Ulimi kuNqubomgomo Yezemfundo (Umnyango Wezemfundo 1997).
Isekhula Yezakhiwo Zokuqinisekisa Iqophelo Eliphezulu.
Ukuhlola kwenza ingxenye ebaluleke kakhulu yohlelo lokufundisa nokufunda. Isitatimende Sohlelo Lwezifundo Lukazwelonke, kanjalo neNqubomgomo Kazwelonke Yokuhlola kanye Namazinga Aphasiwe ezikoleni eQenjini Lezemfundo Nokuqeqesha Okwejwayelekile (Igazethi 29626), sicacile emgomeni wokwakhela ukuhlola ekuhleleni, ekuqaleni ukusebenzisa nasekuhloleni ohlelweni lwezemfundo. Izisekelo Zomkhankaso Wokufunda ziyaqhubeka kulokhu futhi zifuna ukuthuthukisa kanye nokuqinisa ukuhlola okuseqophelweni eliphezulu ngezinhloso zokusungula amasu ancike ebufakazini nahlosiwe ukungenelela kanye nokwenza ngcono.
Kubalulekile ukugcizelela ukuthi i-FFL ibanzanyana kunokuhlola. Iphathelene nokunikeza uhlelo amandla okugxila kulo zonke izinto ezibalulekile zokwenza isisekelo sokufunda esiqinile, ikakhulukazi emakhonweni ayisisekelo okukwazi ukufunda nokubhala kanye neNyumeresi. Kodwa-ke, ukuhlola kuzodlala indima enkulu ekwaziseni nasekuqondiseni ukungenelela koMkhankaso. Eminyakeni eholela ku-2011 ukuhlola okuvamile kuzokwenza ukuthi izikole zikwazi ukukala isivinini sazo okuqhubeka ngaso imiphumela yokufunda okuyisisekelo okuphokophele ekufezeni izinhloso ezisethiwe zesikhathi esifushane neside. Isibonelo, enhlosweni ethize ngqo ku-FFL ukuthi akukho umfundi okufanele athole ngaphansi kwama-50% ekukwazini ukufunda nokubhala okusezingeni kanye nezivivinyo zeNyumeresi. Ukuze le nhloso ibonakale, kufanele kube nohlelo oluqhubekayo lokuhlola kanye nokulandelela inqubekela phambili. Lolo hlelo luzogcina esifundweni sikazwelonke sokuhlola umthelela womkhankaso ka-2011.
Ukukhiqiza ulwazi oluqoqiwe oluthembekile oluncike ezivivinyweni ezilinganisiwe ukuthi zisetshenziswe yizikole, izifunda kanye nezifundazwe ukuze kubekwe izinhloso futhi kuqashwe inqubekela phambili yakho uqobo ukuze kufezwe ukwenziwa ngcono kwezinhloso zendawo nezikazwelonke. Nakuba kunemizamo yendawo yamaphepha okuhlola afanayo, kunomehluko omkhulu ezinhlotsheni nasezingeni lokuhlola elenziwe futhi laphathwa isikole ngasinye.
Ukuhlinzeka izikole ngesibonelo samathuluzi okuhlola njengezidingongqangi. Lokhu kubaluleke kakhulu ezikoleni ezingakabi nawo namanje amazinga afanele ezidingongqangi zokufunda nokufundisa.
Ukusiza othisha ukwenza amathuluzi abo okuhlola asezingeni eliphezulu ezingeni lesikole. Izifundo kanye nokunye ukuxoxisana nothisha kuyaqhubela nokuveza ukuhlola njengomkhakha oyinselele ebhekene nokuqala kokusetshenziswa kwe-NCS. Ukuhlolwa konyaka kuzofaka isandla ekubhekaneni nale nselele ngokusebenzisa umkhakha obanzi wezindlela kanye namasu okuhlola uhlu olubanzi lwamakhono.
Ukuhlinzeka ulwazi izifunda ezingalusebenzisa ukwenza usizo olufanele kanye/noma izinhlelo zokungenelela ezikoleni ezimeni ezahlukene nasemazingeni ahlukene okusebenza.
Ukuhlolwa konyaka akufanele kusetshenziswe njengesisekelo sokwedlulisa abafundi; kodwa-ke izikole zikhululekile ukuthi zisebenzise ukuhlola njengengxenye yemisebenzi yokuhlola eshiwo ngokusemthethweni kuGazethi kaHulumeni 29626.
Inqubomgomo yokuhlola okuqhubekayo nokuthi kufanele zenziwe kanjani izinqumo ngokuqhubeka kwabafundi, njengoba kukhona kuNqubomgomo Kazwelonke Ngokuhlola Namazinga Aphasiwe ezikole kweZemfundo Jikelele Neqembu Lokuqeqesha; kuhlala kunjalo.
Kubalulekile ukwazi ukuthi ukuhlolwa konyaka angeke kusetshenziswe ukwahlulela izikole kanye/noma othisha. Kunalokho kwenziwelwa ukusiza othisha kanye nezifunda ukuqapha isivinini sokwenza ngcono amazinga kanye neqophelo lemiphumela yesifundo. Lokhu kuhlola angeke kwenze lutho ngananoma yiziphi izinqumo eziphathelene nemithetho yokusebenza kothisha.
Othisha kufanele babone izinzuzo zokuhlola njengamathuluzi okuxilonga ukuze benze ngcono amasu okufundisa kwabo kanye nokusebenza kwabafundi ekufundeni, ekubhaleni nakuNyumeresi.
Ukuhlolwa konyaka kuzokwenziwa yibo bonke abafundi kusukela eBangeni 1 ukuya eBangeni 6 ezinhlelweni ezimbili zesifundo noma imikhakha yokufunda okuwuKukwazi ukufunda nokubhala/Ulimi kanye neNyumeresi/Imethamethiki. Inhloso yakho ukusiza umfundi ngamunye ekwenzeni ngcono lokho abakuzuzayo emiphumeleni yesifundo.
Umnyango Wezemfundi (DoE) uhambise Isisekelo soHlaka Lokuhlola Isifundo eZigabeni Eziyisisekelo Nesiphakathi nendawo, zeZinhlelo Zesifundo soKukwazi ukufunda nokubhala/Izilimi neNyumeresi neMethamethiki/Imikhakha Yesifundo. Lolu Hlaka Lokuhlola lubandakanya 'amagxathu' abalulekile asebenza njengesiqondiso kothisha sokukhava ulwazi olubalulekile kanye namakhono abafundi okudingeka bawathole ebangeni ngalinye onyakeni wesikole wonke.
Ukuhlola kuzoqondaniswa namagxathu futhi kugxile ekuhloleni amakhono ayisisekelo okukwazi ukubhala nokufunda kanye nenyumeresi. Kubalulekile ukugcizelela ukuthi kokubili amagxathu kanye nokuhlola akusizo izinto ezengeziwe kulokho okukhavwa yi-NCS, kodwa kwenziwelwe ukuthi kugxile ekucaciseni amakhono abalulekile kanye nokukwazi ukulungiselela izingane ukufunda ngokubanzi, eKukwazini ukufunda nokubhala/Izilimi kanye neNyumeresi/Imethamethiki.
Wenza isethi yokuqala yamathuluzi okuhlola Ukukwazi ukubhala nokufunda kanye neNyumeresi/Imethamethiki kuka-2008 futhi konke lokhu kukukhulisa ngesikhathi somkhankaso esisele. Ukwengeza, i-DoE izonikeza izibonelo zezinhlaka ekwenzeni ukuhlola emikhakheni eminingi yesifundo. Ekugcineni ukuthuthukisa kufanele kwenzeke emazingeni asesikoleni nawesifunda.
Uhlinzeka izikole ngohlaka lokuhlola Ukukwazi ukufunda nokubhala/Izilimi kanye neNyumeresi/Imethamethiki ngezilimi ezahlukene zokufunda nokufundisa (LoLT). Ukwengeza, ukuhlola kuzotholakala ku-CD. Izikole kuzolindeleka ukuthi zenze amakhophi okuhlolwa abo bonke abafundi kusukela emabangeni 1-6.
Unikeza izinhlaka nama-CD ezifundeni.
Uhlinzeka othisha ngohlaka lwesheduli ukuze bafake amamaki abafundi babo. Uhlaka luzothunyelwa ngesikhathi esifanayo lapho kuhanjiswa imigodla yokuhlola.
Zenza izindlela zokuqinisekisa ukuthi zonke izikole zithola uhlaka lwesivivinyo ngesikhathi.
Ziqinisekisa ukuthi ZONKE izikole esifundeni zibheka ukuhlolwa ngokwezikhathi ezibekiwe ezishiwo kuSekhula.
Ziqapha izikole ngesikhathi sokuhlola.
Ziqoqa isheduli namamaki arekhodiwe avela ezikoleni. Izinhlelo zokusiza ngokuqeqeshekile zesifunda kufanele ziqondise imiphumela kusheduli. Izikole zizogcina isheduli enamamaki okuqala bese zedlulisela ikhophi ehhovisi lesifunda.
Izinhlelo zezimo eziphuthumayo zezikole ezingenazo izidingongqangi zokwenza amakhophi.
I-SMT kanye nothisha abathintekayo kufanele baqinisekise ukuthi ukuhlolwa kubhalelwa endaweni ethulile nelawulwa ngokufanele. Imiphumela yokuhlolwa kufanele ibe inkomba eyiqiniso yalokho ingane engakwenza nengeke ikwenze ukuze banikezwe usizo olufanele. Izikole kufanele zihlele ukubhala ukuhlolwa phakathi komhla ka-2 no-28 Novemba 2008.
Othisha ababhekene nebanga ngalinye esikoleni ngasinye bazobheka futhi bamake izivivinyo njengengxenye yemisebenzi yabo yesikole ejwayelekile. Ama-SMT kufanele enze ithayimuthebuli kanye nohlelo lokubheka abafundi ngesikhathi bebhala izivivinyo ukuze ubuqiniso bemiphumela yabo bungezubekeka engozini. La mathayimuthebuli kufanele ayiswe ezifundeni ngenhloso yokuqapha nokuweseka. I-SMT kuzolindeleka futhi ukuthi ihlole amamaki ukuze babone ukuthi akunamaphutha yini (ukuqinisekisa) ngaphambi kokuthi bawathumele emahhovisi esifunda.
Othisha kufanele bafake imiphumela ohlakeni lwesheduli oluzonikezwa i-DoE. Izikole zizogcina isheduli yamamaki okuqala bese zedlulisela ikhophi esifundeni.
Abazali bangabaxhumanisi ababalulekile emkhankasweni wokwenza ngcono ukusebenza kwabafundi emikhakheni ekhonjiwe. Izikole kufanele ziqinisekise ukuthi kwenziwa wonke umzamo wokwazisa abazali ngemiphumela yezivivinyo kanjalo namasu okungenelela azosetshenziswa ukubhekana namagebe olwazini lomfundi.
Imiphumela yalezi zivivinyo zonyaka kufanele isetshenziswe njengethuluzi lokweseka othisha ekuqaliseni ukusebenza kohlelo lwezifundo. Ngakho-ke siyacela kubo bonke ababambe iqhaza ukuthi bazibophelele ekusebenzeni kahle kohlelo. Imiphumela izohlaziywa futhi isetshenziswe ukwenza ngcono imisebenzi yokufundisa nokufunda.
